ININGI lesizukulwane esibizwa nge-millennia noma nge-generation-Z ngolwasemzini, okuyisizukulwane esizalwe kusukela ngowe-1975 kuya kowe-1995, singakufakazela ukuthi uma kukhulunywa ngesikoshi, kakwenzeki singakhumbuli isikhangiso sikamabonakude sikashokoledi iLunch Bar.
Kulesi sikhangiso bekunamadoda agqoke i-kilt, okuyiziketi zesikoshi, obekuyinto ebingajwayelekile ngaleso sikhathi, eqhudelana ngokudonsa intambo. Elinye iqembu elinezidlakela zamadoda beligqoke ezimnyama kuthi elinye, elinendoda emfishane uMakhathini “Mac Atini” ligqoke eziyisikoshi ngokubomvu.
Kube nomdonsiswano wale ntambo kumenyezwa ukuthi "Donsani." Ngaleso sikhathi uMakhathini ubezihlalele ethokozela ukudla ushokoledi wakhe. Kuthe angawuqeda, wabe esehlanganyela neqembu lakhe bayidonsa kalula intambo, awa gilikidi phansi amadoda eqembu lezimnyama, iziketi zabheka phezulu….
Nokho kasikho esikhangisweni kodwa indlela isikoshi esesisemgangathweni ngakhona manje ikucacisa bha ukuguquguquka kwesondo lezemfashini......
Read more on Ilanga LangeSonto newspaper this coming Sunday.